I-R50.00 kuze kube sekupheleni konyaka ka-2003 bese kuba u-R70.
Abanini bezingosi zokuthengisela kufanele bazithengele ugesi.
Irenti ikhokhwa ngenyanga kukhokhelwa inyanga elandelayo ngosuku lweshumi lwaleyo naleyo nyanga.
Ingosi yokuthengisela esinikezwe umuntu izosetshenziselwa ukuthengisa nokukhangisa ngezinhlobo zempahla njengoba kungavuma iBhodi laBaphathi njalo njalo.
Isiqashi kufanele sinike Umqashisi ikheli lalapho sihlala khona, ikheli leposi kanye nenombolo yocingo.
Isiqashi kufanele sibe ngumuntu ongasebenzi kanti kuyobhekelwa labo abondla imindeni yabo ngabodwa kuqala.
Zonke izimpahla kufanele zibe sesimeni sokuthengiselwa abavakashi futhi zibe seqophelweni eliphezulu nezinhlobo ezahlukene.
Ingosi yokuthengisela kufanele ibe ngephephile futhi isiqashi kufanele sihambisane nemithethonkambiso njengoba ibekiwe kuMthetho WezeMpilo nokuPhepha eMsebenzini onguNombolo 85 ka-1993.
Ingosi yokuthengisela ingeze yaqashiselwa omunye umuntu yisiqashi.
Kuyovunyelwa iziqashi ezintathu kuleso naleso sivumelwano.
Iziqashi ziyokhuthazwa ukuba zithengise impahla yabanye abantu abasebenzela emakhaya.
Ngeke kuvunyelwe ukulahlwa kwemfucuza/kwezibi futhi akufanele kuyekwe imfucuza ukuba ize ibe ningi emagcekeni emakethe.
Ngeke kuvunyelwe ukuphuza utshwala emagcekeni emakethe kanti neSiqashi angeke sifike emsebenzini sidakwe utshwala noma ngezinye izidakamizwa.
Ngeke kuvunyelwe ukulwa noma ukuthuka inhlamba emagcekeni emakethe.
Ngeke kuvunyelwe umsindo noma umculo ophezulu emagcekeni emakethe.
Isiqashi yisona esinesibopho sokugcina indawo yaso yokuthengisela kanye nezindawo eziyizungezile zihlanzekile. Iziqashi ziyoshitshana ngokuhlanza indawo yokugezela nezinye nje izindawo ezijwayelekile.
Impahla ingakhiqizelwa ngaphakathi emagcekeni emakethe kuphela uma kuqalwe kwatholwa imvume kuMqashisi.
Isiqashi sinomthwalo wokunika abathengi ushintshi.
Kungasetshenziswa izimpahla zikagesi ezivunywe nguMqashisi kuphela.
Azikho izinguquko ezingenziwa emakethe ezinhlelweni nesezintweni ezifakiwe zikagesi, zamapayipi noma kwezinye.
IZiqashi kufanele zithathe izinyathelo ezilindelekile ukuvimbela ukuvaleka noma ukuthikamezeka kwemigodi yamanzi, amapayipi endle namapayipi amanzi asetshenziswayo lapha emagcekeni.
Iziqashi kuyodingeka zikhokhele amandla kagesi kuya ngokuthi basebenzisa amandla kagesi angakanani.
Izingosi zokuthengisela kufanele zivulwe ngehora lesi-9:00 ekuseni kuya ku-17:00 ngoMsombuluko kuya kuMgqibelo. Imakethe izovalwa ngamaSonto. Izindawo zokuthengisela zingavulwa amahora amade kuya ngokubona komqashiselwa.
Uma ngabe Isiqashi, nalabo noma abalingani noma abasebenzi baso noma yingasiphi isizathu bephula noma imuphi kule mibandela engenhla futhi beqhubeka ukwenza lokhu ngemuva kwezinsuku eziyishumi bebhalelwe isaziso sokuba balungise, lesi sivumelwano sokuqashisa siyobe sesiyasulwa khona njalo kanti isiqashi kuyofanele siphume kuleyo ngosi yokuthengisela ngokushesha.
Kuyonikezwa isaziso esisheshayo uma kwenziwe isenzo sobugebengu noma ukuphulwa kwemigomo yokuziphatha.
Uma kutholakala ukuthi isiqashi sinikeze imininingwane engesilona iqiniso ukuze sithole lengosi yokuthengisela, iBhodi iyosebenzisa amandla ayo uma ikhetha ukuba isisule ngokushesha lesi sivumelwano.
Uma kwenzeka isiqashi sithola umsebenzi ngokugcwele lesi sivumelwano siyophela kanti isiqashi kuyodingeka siphume engosini yokuthengisela zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.
Uma isiqashi sifa isivumelwano siyophela njengokusho koMthetho Wawo Wonke Umuntu.
Umqashisi ugodle amandla okubiza eSiqashini izikweletu kanye nenhlawulo.
